Categories
isiZulu Mental Health

Dealing with depression: Ukuphateka kabi, ukukathazeka nokusebensisa izidakamizwa ngqokweqile ngesikhathi ngeCOVID-19

Uma ungumama obevele ekade enobunzima nokudangala, ukukhathezeka, nokusebenzisa izidakamizwa ngokweqile, lesisikhathi seCoronavirus singenza lemizwa ibe ngeyedlulele. Ungathola ukuthi uphethwe ubuhlungu emzimbeni, unenkinga yokulala, ukuthukuthela kalula, nokubanemicabango edabukisayo. 

Kulungile ukuba uzizwe ngalendlela. Okubalulekile ukuziphatha kahle kulesi sikhathi. 

Nansi imiyalezo engasiza omama abaphethwe ukudangala, ukukhathazeka, noma ukusebenzisa izidakamizwa ngokweqile: 

Uziphathe kahle 

Uma uzithola ukhathazeka kakhulu noma ucabanga izinto ezidabukisayo kaningi, qhaphela umcabango wakho ungazigxeki. Kwamukela ukuthi lesi kuyisikhathi esinzima, uzitshele ukuthi kuzodlula, ngeke iqhubeke kuze kube phakade. 

Thola Isaluleko

Uma unomeluleki okululeka njalo, khuluma naye nixoxisane mayelana nokuqhubeka nezaluleko ozitholayo. Abeluleki abaningi bayakwazi ukhulumisana namaklayenti abo ocingweni (efonini). 

Uma ungenaye umeluleki kodwa uzizwa uphatheke kabi, udangele. Shayela inombolo yabaluleki uthole umluleki ozoxoxa naye ngemizwa yakho. Funda umbhalo ongezansi ukuxhumana nabeluleki abazokulalela. 

Uma ungumuntu osontayo/thandazayo ungazama ukuthintana nomfundisi, zama ukuxhumana nabanye abantu bomndeni noma umphakathi wakho. Zama ukuxhumana efonini. Uma ukubonana kunzima, zama ukuxhumana efonini. Uma ukwazi zama ukusiza abanye ngalendlela. 

Imithi 

Uma uphuza imithi qhubeka ukuphuza Imithi yokusiza ukudangala noma ukukhathazeka. Uma uzophelelwa imithi yakho, qiniseka masishane ukuthi ushintsho olwenziwe ikliniki noma ikhemisi ngalesikhathi uyalwazi. Ngokwesibonelo: uma kukhona enzinye izindawo ongalanda khona imithi yakho izindawo ongalanda khona. Ungayeki noma unganciphisi ukuthatha imithi yakho ungatshelwanga udokotela wakho. 

Thola usizo

Uma ukhathezeka ngempilo yenqondo yakho, kulesi sikhathi sokuqhelelana ngendawo zama ukukhuluma nabantu abase khaya noma uzame ukuxhumana efonini nabangani noma umndeni. Ngaphandle kwalokho, unolwazi ngomunye osesimweni esifanayo nesak- ho? Kungasiza ukuthinthana efonini noma kwiWhatApp njalo, ningaxoxisana ngezinkin- ga zenu nicobelelane ulwazi nemibono enganisiza. 

Thola usizo kwi-Inthanethi

Yi-Inthanethi iqcwele usizo ngempilo yengqondo. Ungazitholela izinhlelo zokuphumuza ingqondo kwi YouTube, uzixhumanise namaqembu asizanayo uphinde uzitholele i-app yokwehlisa umoya kanye nezinye izinto. 

Izidakamizwa notshwala 

Ungalingeka ufune ukuphuza noma uthathe izidakamizwa ukukwehlisa uvalo nokukhathazeka. Qhapela uma uzizwa ufuna ukwenzanjalo. Izidakamizwa notshwala akusizi ukwehlisa uvalo nokukhathazeka, empeleni zingenza izinto zibe zimbi kakhulu. 

Uma uzizwa ucasukile, ukhathazeke kakhulu, uqhaqhazela noma ujuluka kaningi lokho kungabangelwa ukuhoxisa uphuzo noma izidakamizwa. Thintana (iSACNA funda inombolo ezansi), nodokotela, noma ekliniki eseduze nawe. Ubatshele ubatshele iqiniso ngendlela ozizwa ngayo; asikho isidingo sokuba namahloni noma uzibone uyisahluleki ngenxa yokuthatha izidakmizwa. Kuvumelekile ukuyofuna usizo esibhedlela nakulesi khathi semvalelo mpoqo yezwe lonke. 

Zinakekele

Yenza izinto ezikwehlisa umoya. Uma kundingeka ukuthi uhlanze indlu, yenza njalo. Uma ukuthi ubukela iTV, yenza njalo. Uma ufuna ukuyeka ifone nokuxhumana ngeIn- thanethi yenza njalo. Uma ukuthi ukulalela umculo nokudansa kukwehlisa umoya, yenza njalo. Yisikhathi esingajwayelekile yenza noma yini ukudlulisa isikhathi. 

Uma ufuna ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, bheka imiyalezo yethu: Umlayezo kobomama ngesikhathi seCornonavirus, Ukuphathwa ngodlame kwemindeni. 

Izinombolo ongathintana nazo- (Bekezela zinokubamatasatasa)

  • South African Depression and Anxiety Group (SADAG): ziningi izinombolo zocingo 0800 21 22 23 or 0800 456 789 or 0800 20 5026 and others 
  • Lifeline general 0861 322 322 and their AIDS Helpline 0800 012 322 
  • SANCA yezinkinga zotshwala nezidakamizwa WhatsApp line 076 535 1701
  • Childline 0800 055 555 

Yabelana ngalo mlayezo: