Ngaphezu kokuzinakekela wena wedwa, kumele uphinde unakekele izingane kanye nomndeni wakho. Ngakho ke, ngalesi sikhathi se-CORONAVIRUS. Kujwayelekile ukuba nengcindezi nokukhathazeka ngokweqile. Kungaba ukuthi unemicabango ethusayo ngenxa yokuthola nokuthwala igciwane yiCORONAVIRUS.
Ucabanga ukuthi: “kungenzakalani okubi kuzingane zam’?” “Uma ngigula zizonakekelwa ngubani ngubani izingane zam’?”
Ukuvalwa kwezikole kungenza ukhathazeke ngokweqile ngezingane ngoba zihlezi ekhaya nsukuzonke
Abanye omama baphethwe inkathazo ngezezimali:
“Ngizozinakekela kanjani uma ngingasakwazi ukusebenza? Noma “Abasebenzi basazohola na?” “Izikweletu sizozikhokha kanjani? Zizodlani izingane?”
Kujwayekile ukwesaba lezizinto. Kunabantu abaningi abaphethwe yilezinkathazo. Okubalulekile ukwazi ukuthi ungenza njani ukwehlisa umoya nokuzinakekela ngokwe ngqondo:
Vuma uphinde futhi uyamukele imizwa yakho
Kulesi sikhathi seCORONAVIRUS omama bangazizwa becabanga ngezindlela ezihlukile:
Uvalo, Ukudangala, ukungakwazi ukulala, ukuqwasha, ukucabanga kakhulu, ukudlinza.
Omama abaphuzayo, nabomama abhemayo, noma abomama abasebenzisa izidakamizwa ngokweqile bangazithola bezenza lezi’nto kahlulu kulesi sikhathi seCoronavirus. Kujwayelekile ukuzizwa ngalendlela ngalezikhathi ezinzima. Kubalulekile ukuthi uziqaphele, ubhekisise, uvume ukuthi uzizwa kanjani. Kuyasiza ukubhala imicabango yakho phansi. Ukhumbule ukuthi awuhlanyi uphethwe inkathazeko. Khakulukazi kumele ukhumbule ukuzinakekela.
Ukuphatwa yi-Coronavirus nokukhatazekahucishe kufane
Baningi abaqaphelisise ukuthi bona nezingane zabo bangaguli. Khumbula ukuthi ingcindezi nokwethuka zinezimpawu ezifanayo nempawu ye-Coronavirus, isibonelo: ukushisa komzimba ofananomkhuhlwane, ukujuluka, ukuphelelwa umoya, nobuhlungu emzimbeni. Ukuphatwa l lezimpawo akusho ukuthi wena nezingane zakho niphetwe yi-Coronovirus. Kumelele uzame ukuzikhulula kulengcindezi yokukhathazeka uqaphele ukuthi izimpawu zibangcono.
Ulwazi lubalulekile
Uma ufuna ukuzivikela, kubalulekile ukuthola imininingwane yolwazi eyiqiniso. Kwesinye isikhathi lolulwazi lunga luningi kakhulu. Kumele uzame ukuziphumuza, ungalaleli izindaba ilanga lonke, ungahlali kwi- Twitter ne- Facebook ilanga lonke. Uqaphele ihaba, amanga nezindaba ezingathemebkile. Kuncono ukuthola ulwazi ngeCoronavirus olusemthethweni (i-National Department of Health, thumela umlayezo “hi” kwi-WhatsApp kwinombolo +2760 012 3456) kuthola iqiniso.
Zigcine umatasatasa
Kulesi sikhathi kuyasiza ukuzigcina umatasatasa. Bhala uhlelo lwezinto ezingenziwa umndeni wonke. Ningabukela i-TV, nihlanze indlu, nipheke, nidlale imdlalo yekhompyutha, nithunge, nidlale imdlalo yephepha, njegemdlalo yama-puzzle. Nizilolonge ekhaya, nitshale imfino nikhe ingadi, nilalele umculo, ningenza noma yini ukudlulisa isikhathi. Ningenza izinto enifisa ukuzenza endlini naniningajwayelanga ukuzenza.
Siza abanye
Kuyamangaza ukuthi ukusiza abanye kukusiza kangakanani ukuba ubhekane nezimo. Ncedisa umphakathi ukubamba isimo seCoronovirus. Wonke umuntu angasiza. Xhumana nabomakhelwane, umndeni nabangani ukuthola ukuthi singasizana kanjani. Ngokwesibonelo, ningashintshana ngokuya esitolo, kube nomuntu oyedwa onihambela nonke. Okunye ongakwenza, ukuthinthana nezinhlangano zomphakathi ubuze ukuthi ungabanceda kanjani.
Cela Usizo
Unganqikazi ukucela usizo. Khuluma nabangani, umndeni noma umeluleki efonini. Ziningi izinhlangano zokweluleka, ezinikeza izeluleko efonini noma kwi-inthanethi. Funda umbhalo ongezansi ukuxhumana nemihlangano ezokulalela.
Qinisela, Sizonqoba!
Sisezikhathini ezibucayi. Njengomama ujwayele ukuphatha izingcindezi. Ingcindezi isifundisa ukuziphata ebucayini. Kulesi sikhathi ensinzima sithola amandla wokuqhubeka, ukuze sibe abantu abangcono. Qiniseka, sizonqoba!
(Uma ufuna ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, bheka imiyalezo yethu: Ukumelana nodlame emndenini ngesikhathi seCoronavirus Ukuphatheka kabi, ukukhatazeka nokusebenzisa izidakamizwa ngokweqile.)
Izinombolo ongathintana nazo- (Bekezela zinokubamatasatasa)
- South African Depression and Anxiety Group (SADAG) – ziningi izinombolo zocingo 0800 21 22 23 or 0800 456 789 or 0800 20 5026 and others
- Lifeline 0861 322 322 ne – AIDS Helpline 0800 012 322
- Childline 0800 055 555