Categories
PIP isiZulu

Are there any risks for children who get ill with COVID-19: Izinkinga zokuphila zesikhathi eside kanye nezingane

Uma izingane zinenye/ezinye izinkinga zempilo zesikhathi eside, zingase zigule kakhulu nge-COVID-19. Lezi yizingane ezinezimo zokwelashwa ezidinga ukubona udokotela noma ziye emtholampilo njalo. Ezinye izibonelo yilezi: izingane ezinesifo sikashukela, isifo senhliziyo, isifuba somoya, i-TB, umdlavuza, isifo sezinso, ukukhubazeka kobuchopho kanye ne-HIV. Uma ingane yakho inesinye salezi zimo kungase kudingeke ukuba ihlale ekhaya futhi igweme ukuzihlanganisa nabanye (abadala nezingane). Kuzodingeka ihlale ekhaya ingayi esikoleni – xoxa ngalokhu nomtholampilo noma udokotela wengane yakho. Amalungu omndeni kumele ayinakekele ngokwengeziwe ngokuzihlukanisa kwabanye, ukugeza izandla nokufaka isifihla-buso sendwangu uma eseduze nengane.