Uma kukhona othile ekhaya oneminyaka engaphezu kwengama-65 noma onesisindo noma isifo esifana nesifo sikashukela, umfutho wegazi ophakeme noma isifo samaphaphu.
- Zonke izingane ezingaphezu kweminyaka emibili zidinga ukufaka isifihla-buso futhi njalo zigcine ibanga eliphephile (amamitha angu-2) ukusuka kumuntu osengozini.
- Umuntu osengozini udinga ukusebenzisa ithawula lakhe, inkomishi, izipuni kanye nezitsha. Ziwashe ngokwehlukana.
- Yonke indawo okwabelwana ngayo (ikhishi, indlu yangasese) ekhaya kumele ihlanzwe nge-bleach njalo. Qinisekisa ukuba ugcina i-bleach ngokuphepha futhi lapho izingane zingafinyeleli khona!