Categories
PIP isiZulu

How can I prevent my child passing on COVID-19 at home: Yini engenziwa ukuvimbela ingane yami ukudlulisela i-COVID-19 ekhaya?

Uma kukhona othile ekhaya oneminyaka engaphezu kwengama-65 noma onesisindo noma isifo esifana nesifo sikashukela, umfutho wegazi ophakeme noma isifo samaphaphu.

  • Zonke izingane ezingaphezu kweminyaka emibili zidinga ukufaka isifihla-buso futhi njalo zigcine ibanga eliphephile (amamitha angu-2) ukusuka kumuntu osengozini.
  • Umuntu osengozini udinga ukusebenzisa ithawula lakhe, inkomishi, izipuni kanye nezitsha. Ziwashe ngokwehlukana.
  • Yonke indawo okwabelwana ngayo (ikhishi, indlu yangasese) ekhaya kumele ihlanzwe nge-bleach njalo. Qinisekisa ukuba ugcina i-bleach ngokuphepha futhi lapho izingane zingafinyeleli khona!