Ngaphezu kokufaka isifihla-buso sezingane ezineminyaka emibili nangaphezulu
- Khumbuza izingane zakho ukuthi ziqhelelane ngokugcina cishe amamitha ayi-1-2 ukusuka kwabanye abantu, kuhlanganise nabangane bazo.
- Ungasebenzisi imishini yokudlala noma ezinye izinto okungenzeka zithintwe ngabantu ongabazi.
- Hlanza izandla njalo bese ugeza izandla zezingane zakho lapho zibuyela ekhaya.
Fundisa izingane zakho
- zingayisebenzisa kanjani i-sanitiser yezandla ngokuphepha: zihlikihle izandla zize zome ngokuphelele.
- Zingazigeza kanjani izandla ngokuphepha: zimanzise izandla zazo, zigcobe insipho imizuzwana engama-20 ngenkathi zicula ingoma eziyithandayo, bese ziziyakaza.
- inhlanzeko yokuphefumula. Lokhu kusho ukukhwehlelela noma ukuthimulela endololwaneni yayo egobile emboze umlomo namakhala, noma ethushwini okufanele iyiphonse ngokushesha esitsheni esivaliwe bese igeza izandla.
- zigweme ukuthinta ubuso bazo.