Categories
isiZulu

How do I deal with changes in how services work: Ngingabhekana kanjani nezinguquko endleni izinsizakalo ezisebenza ngayo?

Isimo nge-COVID-19 sinzima kakhulu futhi siye saholela ezinguqukweni eziningi endleleni izinsizakalo ezisebenza ngayo. Ungase ubhekane nobunzima emtholampilo, esiteshi samaphoyisa noma uma usebenzisa izinsizakalo zezempilo noma zomphakathi. Abahlinzeki bezinsizakalo nabo bazama ukulawula ngezindlela  ezintsha zokwenza izinto futhi kungenzeka bangazi njalo ukuthi yimiphi imithetho emisha yakamuva. Lokhu kungase kube okucindezelayo kubo nakuwe. Uma ungalungiselela ukuzivumelanisa nezimo, kungenza kube lula ukubhekana nalesi sikhathi. Kungasiza ukucabanga ngendlela owadlula ngayo ezikhathini ezinzima esikhathini esedlule.