Wonke umuntu ukhathazekile phakathi nalesi sikhathi esinzima se-COVID-19. Lena iyona ndlela ejwayelekile yokusabela esimweni esingajwayelekile neze. Kodwa, kwabanye abantu ukukhathazeka, ukucindezeleka, nokwesaba kungaba okweqile. Ungazi kanjani ukuthi ukhathazeka ngokweqile?
- Ukhathazeke ngokweqile ukuthi uzothola i-COVID-19 (nakuba wenza izinto ezizokugcina uvikelekile njengokuhlala endlini, ukuzigcina ukude nabanye futhi ugeza izandla zakho kaningi)
- Awukwazi ukulala ngoba awukwazi ukuyeka ukukhathazeka
- Ufunda imibiko yezinkundla zokuxhumana noma ulalela izindaba ezimayelana ne-COVID-19 ngaso sonke isikhathi
- Awukwazi ukukhululeka noma ukuyeka ukukhathazeka
- Uhlale uthukile ukuthi okuthile okubi kuzokwenzeka
- Ucasukela abanye ngaphandle kwesizathu
- Awukwazi ukubhekana nezinto ezivamile okudingeka uzenze endlini njengokugcoka, ukupheka noma ukuhlanza
- Uzizwa ucindezelekile entanyeni yakho, emahlombe noma emhlane, noma unesisu esibuhlungu ngenxa yokukhathazeka njalo
Uma uzizwa ngathi ukhathazeke kakhulu, sicela ukhulume nothile.
Ucingo losizo
(Qhubeka uluzame kungenzeka bamatasa)
- Iqembu Elisiza Ngokucindezeleka Nokukhathazeka LaseNingizimu Afrika (SADAG) – linezingcingo zosizo eziningi ngu-0800 21 22 23 noma u-0800 456 789 noma u-0800 20 5026 kanye nezinye
- Ucingo lokuxhumana lwabo bonke ngu-0861 322 322 kanye Nocingo lwabo Losizo Lwengculaza ngu-0800 012 322
- Ucingo lwe-Whatsapp lwe-SANCA yezinkinga Zotshwala Nezidakamizwa ngu-076 535 1701
- Ucingo Losizo Lwezingane ngu-0800 055 555