Categories
Physical Health isiZulu

Should I still take my baby for immunisations: Ingabe kumele ngiyise ingane yami ukuyogoma?

Yebo. Ingane yakho kusamele uyimukise ukuyogoma njengenjwayelo. Uhulumeni uthe ukugoma yinsizakalo ebalulekile. Uma ukwazi ukufinyelela emitholampilo, sicela uzinakekele futhi usebenzise zonke izindlela ezijwayelekile zokuvikela.  Gqoka isifihla-buso sendwangu futhi ungalokhu usibambabamba. Geza izandla zakho ngensipho imizuzwana engama-20 ngaphambili nangemuva kokuba sezindaweni noma ezithuthini zomphakathi. Sicela wabelane ngamagama emitholampilo engasanikeli ngemigomo ucingo lwamahhala lwe-COVID-19 (0800 029 999/0800 111 132).

Uma ungakwazi ukuya emtholampilo ngokuphepha, kuzoba nethuba lokuthola imigomo esalele emuva ngemva kobhadane.

Uma kungenzeka, shaya ucingo ngaphambi kokuba uye emtholampilo, ukuze uthole ukuthi amalungiselelo amasha okugoma asenziwe yini.