Categories
PIP isiZulu

What can I do to protect my child from getting or passing on COVID-19 at school: Yikuphi okufanele kwenziwe ukuvikela ingane yami ekutholeni noma ekudluliseni i-covid-19 esikoleni?

Tshela ingane yakho ukuthi izinakekele ngalendlela  

  • Uma ingaphezu kweminyaka emibili, futhi uma ikwazi, ifake isifihla-buso sendwangu esemboza ikhala layo nomlomo
  • Ukuqhelelana kwezenhlalo – igcine okungenani imitha elilodwa kuya kwamabili ukusuka kwabanye
  • Ingathintani nabanye! Igweme ukwangana kanye nokushayana izandla
  • Igeze noma ihlanze izandla kaningi: lapho ifika esikoleni, ngaphambili nangemuva kokudla noma ukuya endlini encane, futhi uma ithinta umuntu ngephutha. Izame ukungathinti ubuso bayo noma isifihla-buso
  • Ingahlanganyeli izinkomishi, izitsha, izinto zokubhala noma amabhodlela nabanye.
  • Ikhwehlelele noma ithimulele endololwaneni noma ethishwini. Iphonse ithishu elisetshenzisiwe emgqonyeni.
  • Ilandele imithetho yesikole yokuthi ingangena futhi iphume nini esikoleni.
  • Uma ingane yakho (noma othile ekhaya), engaphilile, akumele iye esikoleni.