Categories
PIP isiZulu

What Can I Expect if my Child has to be Admitted to Hospital: Ukulaliswa Esibhedlela

Yini engingayilindela uma ingane yami kudingeka ukuba ingeniswe esibhedlela?

Uma ingane yakho ingaphilile kahle futhi idinga ukuba ihlale esibhedlela, udokotela uzothatha iswabhu ekhaleni lengane yakho nase-/noma emIonyeni ukuze ayohlolelwa igciwane elibanga i-COVID-19. Lokhu akukhululekile kodwa akuvamile ukuba buhlungu. Imiphumela ivame ukutholakala ngemva kwezinsuku ezingu 2-3. Onesi nodokotela abanakekela ingane yakho bazogqoka izingubo ezengeziwe zokuvikeleka kuze kube yilapho kwaziwa imiphumela yokuhlolwa kwengane yakho. Ezinye izibhedlela zizophinde zenze ukuhlolwa kwe-COVID-19 kumnakekeli/umzali omdala ozohlala nengane ewadini. Lokhu kungenxa yokuthi ezinye izingane nabantu abadala bangase babe nokutheleleka kwe-COVID-19 kodwa bangabi nezimpawu. Kuncike ngokuthi ukuhlolwa kwengane yakho kuthi akanalo igciwane noma unalo, uzongeniswa emawadini ahlukile esibhedlela.

Ngingayilungiselela kanjani ingane yami uma kudingeka ukuba ingeniswa esibhedlela?

Ungasiza ukulungiselela ingane yakho ngokuyitshela ukuthi bonke abantu esibhedlela bazobe begqoke izifihla-buso futhi nesinye isikhathi ezinye izingubo ezivikelekile, ukuze banqande ukusabalala kwegciwane le-COVID-19. Ungayitshela ukuthi bazodinga ukwenza ukuhlola okuthile, njengeswabhu lasekhaleni nokuhlolwa kwegazi, kodwa uzokwazi ukuhlala nayo.

Yini engivumelekile nengingavumelekile ukuba ngihambe nayo?

Sicela uze nezifihla-buso zakho zendwangu, Incwajana Yomgwaqo Yezempilo yengane yakho, i-ID yakho nomakhalekhukhwini. Ngokuvamile, izibhedlela zikhetha imindeni ukuthi ingazilethi izingubo zokulala nezingubo zokugqoka zengane, ngoba kungenzeka ukuthi zinegciwane kuzo.

Ngizovumeleka ukuhlala nengane yami?

Uma ungazange uxhumane nabantu abanegciwane le-COVID-19 emasontweni amabili edlule futhi kungekho zimpawu zamanje zokutheleleka nge-COVID-19, kufanele ukwazi ukuhlala nengane yakho emawadini amaningi, ngaphandle kwalapho ingane yakho isegunjini labagula kakhulu (ICU). Uma unezimpawu ze-COVID -19, noma uhlolwe ukuthi une-COVID-19 ezinsukwini ezingu-10 ezedlule, ngeke ukwazi ukuhlala nengane yakho. Ungacela ukuthi elinye ilunga lomndeni eliphilile lifike lizohlala nengane yakho esibhedlela endaweni yakho.