Khumbuza ingane yakho
- Faka isifihla-buso sakho uma usebenzisa izithuthi zomphakathi ukuya esikoleni
- Qiniseka ukuthi isifihla-buso sakho simboza umlomo wakho namakhala.
- Susa isifihla-buso kuphela ukuze udle noma uphuze (bese uyigcina ngokuphepha).
- Thinta imichilo kuphela uma usisusa noma usifaka. Gwema ukuthinta ingaphambili lesifihla-buso,
- Yiba nesifihla-buso ongasisebenzisa uma kwenzeka simanzi noma sisetshenzisiwe. Faka isifihla-buso esisetshenzisiwe esitsheni noma esikhwameni sephepha esinsundu uze ukwazi ukusigeza.
- Ungabelani ngezifihla-buso nabangane: uma ungenaso isifihla-buso, sebenzisa isikhafu noma iduku
- Ungashiyi izifihla-buso ezisetshenzisiwe zigcwele indawo – zizoba namaconsi okuphefumula noma ukukhwehlela noma ukuthimula okungase kube negciwane.
- Geza isifihla-buso ngensipho namanzi ashisayo. Somise elangeni bese uyasi ayina ukuze ubulale amagciwane.