Categories
PIP isiZulu

What if my child is in contact with someone with COVID-19: Kuthiwani uma ingane yami ixhumana nomuntu one-COVID-19?

Kuya ngokuthi “bangaxhumana ngokusondelene” noma cha. “Oxhumana naye ngokusondelene” ngumuntu obengaphansi kwemitha elingu-1 ukusuka enganeni yakho isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-15 futhi oyedwa noma ababili bengasifakile isifihla-buso.

  • Ukuxhumana kwasekhaya:  kuzoba othintana naye kakhulu, ngakho ingane yakho idinga ukuhlala ekhaya izinsuku eziyi-14, noma ngabe iphilile futhi ingakhombisi zimpawu ze-COVID-19.
  • Ukuxhumana kwasesikoleni: Uma lowo muntu (uthisha noma omunye umfundi) esondelene kakhulu naye, ingane yakho kufanele futhi ihlale ekhaya izinsuku eziyi-14.
  • Uma kungekho ukuxhumana okuseduze, asikho isidingo sokuhlala ekhaya.