Uhlelo Lwemibuzo Nezimpendulo: Kunomuntu one-COVID-19 ekhaya. Yini okumele ngiyenze uma ngikhathazekile ngempilo yengane yami?
Uma izingane zitheleleka ngegciwane, bavame ukuba nohlobo olungelubi kangako lwe-COVID-19 kunabantu abadala.
Ezinye izingane zingase zigule kakhulu nge-COVID-19, ikakhulukazi uma zinezinye izinkinga zokuphila, njengokungondleki, i-TB, i-HIV, isifo somoya nezinye izinkinga zesifuba noma izifo zesikhathi eside.
Uma ingane yakho igula, kungaba ngenxa ye-COVID-19 noma ngenxa yezinye izinkinga zempilo.
Uma ukhathazekile:
- Uma ucabanga ukuthi yisimo esiphuthumayo, shayela i-ambulense. Batshele ukuthi ingane iye yaxhumana nomuntu one-COVID-19.
- Uma ingane yakho inesifo sesikhathi eside/inkinga yempilo ebucayi, shayela umtholampilo wakho ovamile noma udokotela ukuze uthole iseluleko.
- Uma ingane yakho ibilokhu iphile kahle, shayela umtholampilo wakho oseduze noma isibhedlela ukuze uthole iseluleko.
- Uma ingane yakho kumele iye emtholampilo noma esibhedlela, othile ophile kahle futhi engenayo i-COVID-19 kumele ammukise khona ngokuphepha, esebenzisa izinyathelo zokuzivikela.
- Lomuntu kumele atshele izisebenzi zezempilo ukuthi ingane beyixhumene nomuntu one-COVID-19
- Lomuntu kumele afake isifihla-buso. Uma ingane ineminyaka engaphezu kwengu-2 ubudala, kumele ifake isifihla-buso.
- Kungcono kakhulu uma othile engase ahlale nengane. Kodwa uma kungekho ongakwazi, umnakekeli kumele athole inombolo yocingo yewadi ingane ingane engeniswe kulo.
Ungase futhi ushayele inombolo yamahhala ye-COVID-19 ukuze uthole usizo neseluleko (0800 029 999 / 0800 111 132).