Are pregnant woman more at risk for COVID-19?
Ngokuvamile, maningi amathuba okuba owesifazane okhulelwe athole “umkhuhlane” ovamile nokuba abe nezimpawu ezimbi zezifo ezifana nomkhuhlane. Izazi zempilo zitusa ukuba owesifazane okhulelwe athole imijovo yomkhuhlane. Kodwa okwamanje akwaziwa ukuthi i-COVID-19 iba yimbi kakhulu yini kubesifazane abakhulelwe. Njengamanje alikho ikhambi layo. Uma unezinye izifo ezinjenge-TB, isifo senhliziyo noma isifo sikashukela ungase ube sengozini enkulu.