Categories
Physical Health isiZulu

Ingabe izingane ezine-COVID-19 zingabhebhethekisa leli gciwane kwabanye abantu?

Can children with COVID-19 spread the virus to other people?

Yebo. Izingane zingabonakala zingaguli noma zigule kancane lapho zine-COVID-19, kodwa zingalisabalalisa kwabanye leli gciwane. Ngakho, ngokwezinga okungenzeka ngalo, izingane kumelwe ziqhelelane nabantu abadala abanezifo ezinjengesifuba somoya,i-TB, i-sifo sikashukela kanye nezinye izinkinga ezinkulu zempilo. Izingane kufanele zingasondeli nakubantu abadala abaneminyaka engaphezu kwengu-60 kangangokunokwenzeka ngoba abantu abadala abane-COVID-19 bangase bagule kakhulu kunomuntu osemusha.