Can I breastfeed if I have, or may have COVID-19?
Ukuncelisa kuyatuswa kubo bonke omama, kuhlanganise nakomama abane-COVID-19 noma okungenzeka banayo. Kuze kube manje, igciwane le-COVID-19 alikatholakali obisini lukamama.
- Geza izandla ngensipho imizuzwana engu-20 njalo ngaphambi nangemva kokuncelisa.
- Qikelela ukuthi uyazemboza lapho ukhwehlela noma uthimula: yemboza umlomo namakhala akho ngendololwane egobile noma ngethishu lapho ukhwehlela noma uthimula bese uyilahla ngokushesha emgqonyeni ovalekayo ngemva kwalokho ugeze izandla ngensipho imizuzwana engu-20.
- Uma une-COVID-19, kufanele ugqoke imaski emboza umlomo namakhala lapho uncelisa. Imaski eyenziwe ekhaya kungaba ngendwangu noma ngesikhafu osiwasha njalo ngemva kokusisebenzisa. Ungayithinti imaski ngesikhathi uncelisa noma lapho uhlezi nosana lwakho.