What happens when I go into labour?
- Abesifazane okungenzeka bane-COVID-19 noma abanayo bangabeletha ngendlela evamile futhi asikho isidingo sokusebenzisa uhlobo olukhethekile lokubeletha njenge-caesarean section. Ukuthintana kwengane ngesikhumba nomama kanye nokuncelisa kufanele kuqale ngemva nje kokubeletha.
- Bonke abesifazane abafika esikhungweni bezobeletha bazohlolelwa izimpawu ze-COVID-19.
- Uma kungenzeka une-COVID-19,noma uma unayo ngempela uzonakekelwa endaweni eseceleni futhi abasebenzi bezempilo bazogqoka izingubo zokuzivikela. Uzocelwa ukuba ufakeimaski ukuze ugweme ukuthelela ezinye iziguli noma abasebenzi bezempilo.
- Uma ungenayo i-COVID-19, uzonakekelwa endaweni yokubeletha evamilenezinye iziguli
Nakuba abantu abaphelezela owesifazane obelethayo bewusizo kakhulu, kwezinye izikhungo bangase bangabavumeli ukuba babe nawe phakathi nalesi sikhathi sobhubhane i-COVID-19. Lokhu kwenzelwa ukuvimbela igciwane ekusabalaleni kubantu abangenalo, izinsana noma abasebenzi bezempilo. Kumelwe ubuze isikhungo oya kuso ukuthi iyini inqubomgomo yabo. Uma ukwazi, zama ukuxhumana nomuntu okusizayo ngocingo izikhathi eziningi ngangokunokwenzeka ngesikhathi ubeletha.