I am pregnant and use public transport to get to the clinic. Should I still go to the clinic?
Uma kungenzeka, hamba ngezinyawo lapho uya emtholampilo ukuze ugweme ukusondelana nabanye abantu. Uma kudingeka ugibele itekisi, zama ukuhlala ushiye isikhala phakathi kwakho nabanye. Kumelwe uthathe izinyathelo zokuphepha ezifanayo ukuze ugweme i-COVID-19 njengabanye abantu. Ungazivikela ngokwenza lokhu:
- Faka imaski yendwangu lapho usendaweni yomphakathi
- Geza izandla kaningi ngangokunokwenzeka ngensipho imizuzwana engu-20 (noma usebenzise okokubulala amagciwane okwenziwe ngotshwala).
- Zama ukuqhela ngamamitha amabili kwabanye abantu futhi ugweme izindawo ezinabantu abaningi.
- Gwema ukuthinta ubuso bakho.
- Zemboze lapho ukhwehlela noma uthimula. Lokhu kusho ukwemboza umlomo namakhala akho lapho ukhwehlela noma uthimula ngendololwane egobile noma ngethishu bese uyayilahla ithishu emgqonyeni ovalekayo ngemva kwalokho ugeze izandla ngensipho imizuzwana angu-20).
Uma unomkhuhlane,ukhwehlela noma unenkinga yokuphefumula, funa usizo lwezokwelapha ngokushesha. Ukuze uthole iseluleko salokho ongakwenza nendawo ongaya kuyo, shayela inombolo yamahhala ye-COVID-19 (0800 029 999/0800 111 132).
Abesifazane abakhulelwe nabesifazane abasanda kubeletha – kuhlanganise nalabo abathintwa yi-COVID-19 – kufanele baye ekuvakasheni kwasemtholampilo okuhleliwe.
Uma ukwazi, shaya ucingo ngaphambi kokuya emtholampilo, ukuze uthole ukuthi zikhona yini izinhlelo ezikhethekile ezenziwe zokuvakasha ngemva kokubeletha.