Categories
Physical Health isiZulu

Ngingaluvikela kanjani usana lwami esifweni i-COVID-19?

How can I protect my newborn baby from COVID-19?

  • Ukuncelisa: ngeza kahle izandla kuqala. Uma une-COVID-19, ncelisa ufake imaski.
  • Sondeza usana lwakho emzimbeni wakho esifubeni (kodwa uyigcine ifudumele ingane).
  • Wonke umuntu endlini kufanele ageze izandla njalo ngensipho imizuzwana engu-20 (ngokokuhlikihla izandla okwenziwe ngotshwala).
  • Khetha abantu ababili noma abathathu kuphela ukuba basize ngengane. Wonke umuntu ochitha isikhathi nengane ngaso sonke isikhathi kufanele ageze izandla imizuzwana engu-20 ngaphambi nangemva kokuthinta ingane. Kufanele basebenzise imaski ehlanzekile eyenziwe ekhaya njalo lapho behlezi nengane.
  • Akumelwe bathinte ubuso babo noma ubuso bengane.
  • Akufanele ubuqabule ubuso bengane.
  • Uma kungenzeka, abanye abantu kufanele baqhele okungenani ngemitha noma ngamamitha amabili enganeni kanye nakumuntu onakekela ingane.
  • Gcina indlu nezinto obeka kuyo izinto kuhlanzekile. Sebenzisa izinkezo ezine zeblishi emanzini ayilitha. Gcina iblishi isendaweni izingane ezingeke zifike kuyo.