Categories
Physical Health isiZulu

Ngingayivikela kanjani ingane yami kwi-COVID-19 lapho ngihlala nezihlobo futhi ezinye zingasebenzeli ekhaya?

How can I protect my baby from COVID-19 when I live with an extended family and some work out of the house?

Uma uhlala nezihlobo, kumelwe uthathe izinyathelo ezifanayo zokuzivikela ukuze ugweme i-COVID-19 njengabanye abantu. Wena nengane yakho ningazivikela ngokwenza lokhu:

  • Geza izandla kaningi ngangokunokwenzeka ngensipho imizuzwana engu-20 (noma usebenzise okokubulala amagciwane okwenziwe ngotshwala)
  • .
  • Gwema ukuthinta ubuso bakho.
  • Zemboze lapho ukhwehlela noma uthimula. Lokhu kusho ukuthi lapho ukhwehlela noma uthimula kumelwe usebenzise indololwane egobile noma ithishu bese uyilahla emgqonyeni ovalekayo ngemva kwalokho ugeze izandla ngensipho imizuzwana engu-20).
  • Ungavumeli amalungu omndeni ukuba abambe ingane yakho ngaphandle uma ezigezile izandla kahle ngaphambi nangemva kokusebenzisa imaski ehlanzekile eyenziwe ekhaya, isikhathi ngasinye
  • Gwema ukuqabula ingane emlonyeni nasebusweni.
  • Vula amawindi uma kungenzeka futhi ugcine izinto zasendlini zihlanzekile ngokusebezisa izinkezo ezine zeblishi emanzini ayilitha. Gcina iblishi endaweni izingane ezingeke zifike kuyo.

Uma unomkhuhlane, ukhwehlela noma uphefumula kanzima, funa usizo lwezokwelapha ngokushesha. Ukuze uthole iseluleko salokho okumelwe ukwenze nendawo ongaya kuyo, shayela inombolo yamahhala ye-COVID-19 (0800 029 999/0800 111 132).