How can I protect my children if I am going out to work?
Uma ungasebenzeli ekhaya, zama ukuvikela ingane yakho kanye namanye amalungu omndeni wakho ku-COViD-19.
- Hlala ekhaya isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka
- Emsebenzini
- Faka imaski yendwangu ehlanzekile
- Zama ukuqhela ngamamitha angaphezu kwamabili kwabanye abantu
- Ungahagi noma uqabule noma uthintane NGANOMA IYIPHI INDLELA nabanye abantu
- Gwema ukuthinta ubuso bakho
- Gwema amaqembu abantu lapho uwabona
- Zama ukugwema izinto ezithintwa njalo njengezibambo zomnyango, izinkinombo zokukhanyisa ugesi ezithintwa abantu abaningi
- izikhathi eziningi ngangokunokwenzeka ngensipho namanzi imizuzwana engu-20 (noma usebenzise okokubulala amagciwane okwenziwe ngotshwala)
- Shiya zonke izinto njengamapeni, emsebenzini, uma kungenzeka.
- Ekhaya
- Uma kungenzeka, geza izandla zakho nomzimba futhi ushintshe izimpahla ozigqokile ngaphambi kokungena endlini
- Geza izandla ngendlela eboniswe ngenhla
- Sula noma yiziphi izinto oze nazo ekhaya, ngokokubulala amagciwane noma usebenzise izinkezo ezine zeblishi ezifakwe emanzini ayilitha. Gcina iblishi endaweni izingane ezingeke zifike kuyo.