Categories
Physical Health isiZulu

Ngingayivikela kanjani ingane yami uma ngizophuma ngiye emsebenzini?

How can I protect my children if I am going out to work?

Uma ungasebenzeli ekhaya, zama ukuvikela ingane yakho kanye namanye amalungu omndeni wakho ku-COViD-19.

  • Hlala ekhaya isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka
  • Emsebenzini
    • Faka imaski yendwangu ehlanzekile
    • Zama ukuqhela ngamamitha angaphezu kwamabili kwabanye abantu
    • Ungahagi noma uqabule noma uthintane NGANOMA IYIPHI INDLELA nabanye abantu
    • Gwema ukuthinta ubuso bakho
    • Gwema amaqembu abantu lapho uwabona
    • Zama ukugwema izinto ezithintwa njalo njengezibambo zomnyango, izinkinombo zokukhanyisa ugesi ezithintwa abantu abaningi
    • izikhathi eziningi ngangokunokwenzeka ngensipho namanzi imizuzwana engu-20 (noma usebenzise okokubulala amagciwane okwenziwe ngotshwala)
    • Shiya zonke izinto njengamapeni, emsebenzini, uma kungenzeka.
  • Ekhaya
    • Uma kungenzeka, geza izandla zakho nomzimba futhi ushintshe izimpahla ozigqokile ngaphambi kokungena endlini
    • Geza izandla ngendlela eboniswe ngenhla
    • Sula noma yiziphi izinto oze nazo ekhaya, ngokokubulala amagciwane noma usebenzise izinkezo ezine zeblishi ezifakwe emanzini ayilitha. Gcina iblishi endaweni izingane ezingeke zifike kuyo.