What’s different for pregnant and postnatal women in the time of COVID-19?
Izimpawu ze-COVID-19 ziyafana kubesifazane abakhulelwe nakubantu abavamile emphakathini. Wonke umuntu kufanele aqaphe ukuze agweme ukutheleleka nokuthelela abanye ngaleli gciwane. Ungazivikela ngokuthi wenze lokhu:
- Ufake imaski yendwangu lapho usendaweni yomphakathi
- Geza izandla kaningi ngangokunokwenzeka ngensipho imizuzwana engu-20 (noma usebenzise okokubulala amagciwane okwenziwe ngotshwala)
- Zama ukuqhela kubantu ngebanga elingaphezu kwamamitha amabili uma kungenzeka futhi uzigweme izindawo ezinabantu abaningi.
- Gwema ukuthinta ubuso bakho.
- Zemboze lapho ukhwehlela noma uthimula. Lokhu kusho ukuthi kumelwe wemboze umlomo namakhala ngendololwane egobile lapho ukhwehlela noma uthimula, noma usebenzise ithishu bese uyilahla ngemva kokuyisebenzisa emgqonyeni ovalekayo ngemva kwalokho ugeze izandla ngensipho imizuzwana engu-20).
- Vula amawindi uma kungenzeka futhi ugcine izindawo obeka kuzo izinto zihlanzekile ngokuzigeza ngelitha lamanzi afakwe izinkezo ezine zeblishi. Beka iblishi endaweni izingane ezingeke zifinyelele kuyo.