What it normal during pregnancy – and when should I to go to the clinic?
Kufanele uye emtholaphilo:
- lapho unokuvakasha okuhleliwe kwangaphambi kokubeletha.
- ngezikhathi ezingahleliwe, uma unesifuba esomilelapho ukhwehlela, unomkhuhlane, unekhanda elibuhlungu noma unezinkinga zokuphefumula. Kuzodingeka uhlolelwe i-COVID-19
- ngokushesha , uma ucabanga ukuthi unezinkinga zokukhulelwa njengokopha, ikhanda elibuhlungu, isisu esibuhlungu kakhulu, uma ingane inganyakazi; noma uma unenkinga enkulu yokuphefumula.
Ngezinye izikhathi ungase ungaqiniseki ukuthi uphawu luyinkinga noma cha:
- ukushaya ngokushesha kwenhliziyo okubangelwa ukucindezeleka noma ukukhathazeka (uma ungenawo umkhuhlane noma ungakhwehleli)
- ukuphelelwa umoya okungekubi kakhulu kungase kubangelwe isisu sakho njengoba sikhula
- amakhala acinene kungenzeka abangelwa umkhuhlane noma i-hayfever
- ukuphathwa yikhanda kungenzeka kubangelwa ukucindezeleka noma ukngenwa amakhaza (uma kungewona umkhuhlane futhi ungabi ngcono ngokushesha lapho usebenzisa amaphilisi ezinhlungu)
Faka imaski yendwangu ngaso sonke isikhathi emtholampilo.
Uma ungaqiniseki ukuthi uphawu lusho ukuthini, noma ungaqiniseki ukuthi luyisimo esiphuthuma kangakanani, shayela umtholampilo wakho noma inombolo yamahhala ukuze uthole iseluleko. 0800 029 999