Categories
isiZulu

How do you know if you’re worrying too much: Ungazi kanjani ukuthi ukhathazeka ngokweqile?

Wonke umuntu ukhathazekile phakathi nalesi sikhathi esinzima se-COVID-19. Lena iyona ndlela ejwayelekile yokusabela esimweni esingajwayelekile neze. Kodwa, kwabanye abantu ukukhathazeka, ukucindezeleka, nokwesaba kungaba okweqile. Ungazi kanjani ukuthi ukhathazeka ngokweqile? Ukhathazeke ngokweqile ukuthi uzothola i-COVID-19 (nakuba wenza izinto ezizokugcina uvikelekile njengokuhlala endlini, ukuzigcina ukude nabanye futhi ugeza izandla zakho kaningi) Awukwazi ukulala ngoba awukwazi ukuyeka ukukhathazeka […]

Categories
isiZulu

Suicidal thoughts during COVID-19: Ngingabhekana kanjani nemicabango yokuzibulala nephazamisayo phakathi nesikhathi se-COVID-19?

Phakathi nalezi zikhathi ezinzima, abanye omama bangase babe nemicabango engadingeki, nephazamisayo. Abanye bangase bazizwe kabi kakhulu kangangokuba bacabange nokuzibulala. Ingabe: uzizwa udangele futhi ungenathemba izikhathi eziningi? awujabuleli lutho? Ufuna ukuyekwa wedwa? awuboni indlela yokuphuma esimweni sakho? ucabanga ukuthi izinto zizoba ngcono uma ungekho? ucabanga ngezindlela zokuzilimaza? uzizwa wethukile ukuthi ungase ulimaze ingane yakho? unemicabango yokulimaza […]

Categories
isiZulu

How do you know if you’re depressed: Wazi kanjani ukuthi udangele?

Kujwayelekile ukukhathazeka Phakathi nalesi sikhathi esinzima se-COVID-19. Ngezinye izikhathi ukukhathazeka noma ukucindezeleka, noma nje ukungakwazi ukubona abanye abantu, kungase kuholele ekudangaleni? Nazi ezinye izinto okufanele uzibheke: Uzizwa uphansi, udangele noma ungenalo ithemba ‘Ucabanga kakhulu’ Unemicabango emibi kakhulu ekucasulayo Uzizwa ungafuni ukukhuluma nabanye abantu nakuba ungase ukwaze ukubashayela ucingo noma ubathumele i-Whatsapp Uzizwa ungafuni ukwenza izinto […]

Categories
isiZulu

How do I deal with changes in how services work: Ngingabhekana kanjani nezinguquko endleni izinsizakalo ezisebenza ngayo?

Isimo nge-COVID-19 sinzima kakhulu futhi siye saholela ezinguqukweni eziningi endleleni izinsizakalo ezisebenza ngayo. Ungase ubhekane nobunzima emtholampilo, esiteshi samaphoyisa noma uma usebenzisa izinsizakalo zezempilo noma zomphakathi. Abahlinzeki bezinsizakalo nabo bazama ukulawula ngezindlela  ezintsha zokwenza izinto futhi kungenzeka bangazi njalo ukuthi yimiphi imithetho emisha yakamuva. Lokhu kungase kube okucindezelayo kubo nakuwe. Uma ungalungiselela ukuzivumelanisa nezimo, kungenza […]

Categories
isiZulu

How can I protect my child when they go out for exercise or to school: Ngingazivikela kanjani izingane zami uma ziphumela ngaphandle ukuyozivocavoca noma ziya esikoleni?

Ngaphezu kokufaka isifihla-buso sezingane ezineminyaka emibili nangaphezulu Khumbuza izingane zakho ukuthi ziqhelelane ngokugcina cishe amamitha ayi-1-2 ukusuka kwabanye abantu, kuhlanganise nabangane bazo. Ungasebenzisi imishini yokudlala noma ezinye izinto okungenzeka zithintwe ngabantu ongabazi. Hlanza izandla njalo bese ugeza izandla zezingane zakho lapho zibuyela ekhaya. Fundisa izingane zakho zingayisebenzisa kanjani i-sanitiser yezandla ngokuphepha: zihlikihle izandla zize zome ngokuphelele. […]

Categories
isiZulu Mental Health

Coping with family violence: Ukumelana nodlame emndeni ngesikhathi seCOVID-19

Kulesi sikhathi seCornovirus imindeni ingazizwa ingaphansi kwengcindezi enkulu. Imindeni ingazithola ivalelekile ekhaya ndawonye, abanye bengakwazi ukusebenza bagcine sebekhathazekile ngokuthi bazoziphilisa ngani uma imali ingasekho. Amanye amalunga omndeni kungenzeka aqale ukuphuza utshwala noma athathe izidakamizwa njengendlela yokubhekana nengcindezi. Konke lokhu kungaholela ekwenyukeni kwezinga lokuhlukunyezwa ngokwamandla, okomoya noma ngokobulili kakhulukazi ezinganeni nabantu besifazane. Ukuzithola uvaleleke ekhaya nomuntu […]

Categories
isiZulu Mental Health

Dealing with stress: Ukuba umama ophetwe yindcindezi ngesikhathi se-COVID-19

Ngaphezu kokuzinakekela wena wedwa, kumele uphinde unakekele izingane kanye nomndeni wakho. Ngakho ke, ngalesi sikhathi se-CORONAVIRUS. Kujwayelekile ukuba nengcindezi nokukhathazeka ngokweqile. Kungaba ukuthi unemicabango ethusayo ngenxa yokuthola nokuthwala igciwane yiCORONAVIRUS. Ucabanga ukuthi: “kungenzakalani okubi kuzingane zam’?” “Uma ngigula zizonakekelwa ngubani ngubani izingane zam’?” Ukuvalwa kwezikole kungenza ukhathazeke ngokweqile ngezingane ngoba zihlezi ekhaya nsukuzonke Abanye omama […]

Categories
isiZulu Mental Health

Dealing with depression: Ukuphateka kabi, ukukathazeka nokusebensisa izidakamizwa ngqokweqile ngesikhathi ngeCOVID-19

Uma ungumama obevele ekade enobunzima nokudangala, ukukhathezeka, nokusebenzisa izidakamizwa ngokweqile, lesisikhathi seCoronavirus singenza lemizwa ibe ngeyedlulele. Ungathola ukuthi uphethwe ubuhlungu emzimbeni, unenkinga yokulala, ukuthukuthela kalula, nokubanemicabango edabukisayo.  Kulungile ukuba uzizwe ngalendlela. Okubalulekile ukuziphatha kahle kulesi sikhathi.  Nansi imiyalezo engasiza omama abaphethwe ukudangala, ukukhathazeka, noma ukusebenzisa izidakamizwa ngokweqile:  Uziphathe kahle  Uma uzithola ukhathazeka kakhulu noma ucabanga […]