Ngingayinakekela kanjani ingane yami uma ngine-COVID-19? Abantu abane-COVID-19 kufanele bazihlukanise nabanye ukuze igciwane lingasabalali liye kwabanye. Isisebenzi sezempilo sizokutshela ukuthi kufanele uzihlukanise izinsuku ezingaki. Xoxa nabo uma kungenzeka ukuzehlukanisa ekhaya noma esikhungweni sezempilo. Ukuzihlukanisa kusho ukuhlala kude nabanye abantu futhi ungaphumi nhlobo. Uma kukhona omunye umuntu ekhaya lakho ongakusiza (ongenayo i-COVID-19) mcele ukuthi akusize ngokunakekela […]
PIP isiZulu
Ngenzenjani uma ingane yami igula kakhulu futhi ngingaqiniseki ukuthi yi-COVID-19? Ungase ukhathazeke ngengane yakho uma ibonakala igula kakhulu kunomkhuhlane noma imfuluwenza ejwayelekile. Mhlawumbe ayidli, iphefumula ngokushesha, ayinamandla, ayifuni ukudlala, ishisa kakhulu, inesifo sohudo esiqhubekayo. Mhlawumbe inokuqubuka, amamaki ezandleni nasezinyaweni noma ulimi nomlomo obomvu. Noma ibe nolunye uphawu lwengozi lokugula (bheka Incwadi Yomgwaqo eya Empilweni yengane […]
Ngiwasebenzisa kanjani ngokuphepha nokuwagcina ama-sanitiser nezinto zokubulala amagciwane ekhaya? Kunokusetshenziswa okuningi ngamanzi ane-bleach nama-sanitiser ezandla ngalesi sikhathi – qiniseka ukuthi AGCINWE EKUDE NAZO ZONKE IZINGANE. Ungazifaki lezi zixazululo ezitsheni lapho zingaphanjaniswa neziphuzo ezibandayo noma amanzi Geza zonke izitsha zokudla zezingane namathoyizi ezingazifaka emilonyeni yazo ngamanzi anensipho Ungasuli amathoyizi nezitsha zokudla zezingane ngamanzi ane-bleach, lokhu kuzoba […]
Yini engingayilindela uma ingane yami kudingeka ukuba ingeniswe esibhedlela? Uma ingane yakho ingaphilile kahle futhi idinga ukuba ihlale esibhedlela, udokotela uzothatha iswabhu ekhaleni lengane yakho nase-/noma emIonyeni ukuze ayohlolelwa igciwane elibanga i-COVID-19. Lokhu akukhululekile kodwa akuvamile ukuba buhlungu. Imiphumela ivame ukutholakala ngemva kwezinsuku ezingu 2-3. Onesi nodokotela abanakekela ingane yakho bazogqoka izingubo ezengeziwe zokuvikeleka kuze […]
Uma izingane zinenye/ezinye izinkinga zempilo zesikhathi eside, zingase zigule kakhulu nge-COVID-19. Lezi yizingane ezinezimo zokwelashwa ezidinga ukubona udokotela noma ziye emtholampilo njalo. Ezinye izibonelo yilezi: izingane ezinesifo sikashukela, isifo senhliziyo, isifuba somoya, i-TB, umdlavuza, isifo sezinso, ukukhubazeka kobuchopho kanye ne-HIV. Uma ingane yakho inesinye salezi zimo kungase kudingeke ukuba ihlale ekhaya futhi igweme ukuzihlanganisa nabanye […]
Kaningi azibi nazo izimpawu noma ziba nezimpawu ezingconywana kunabantu abadala Izimpawu ze-COVID-19 ziyafana ezinganeni nakubantu abadala. Izimpawu zifana nezesifuba noma imfuluwenza: ingane ingase ibe nemfiva, amafinyila anganqamuki, futhi ikhwehlele. Kwesinye isikhathi iyahlanza noma ibe nesifo sohudo.
Ingabe izinsana nezingane zingayithola i-covid-19? Yebo, izingane zingayithola i-COVID-19, KODWA mancane amathuba okuba ziyithole kunabantu abadala. Lezi yizindaba ezinhle! Ingabe usana noma ingane yami ingadlulisela i-covid-19 kimi? Kungenzeka, KODWA mancane kakhulu amathuba okuthi ukutheleleka kusabalale ukusuka kumuntu omdala kuye enganeni. Lezi yizindaba ezinhle!
Kuya ngokuthi “bangaxhumana ngokusondelene” noma cha. “Oxhumana naye ngokusondelene” ngumuntu obengaphansi kwemitha elingu-1 ukusuka enganeni yakho isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-15 futhi oyedwa noma ababili bengasifakile isifihla-buso. Ukuxhumana kwasekhaya: kuzoba othintana naye kakhulu, ngakho ingane yakho idinga ukuhlala ekhaya izinsuku eziyi-14, noma ngabe iphilile futhi ingakhombisi zimpawu ze-COVID-19. Ukuxhumana kwasesikoleni: Uma lowo muntu (uthisha noma omunye […]
Uma kukhona othile ekhaya oneminyaka engaphezu kwengama-65 noma onesisindo noma isifo esifana nesifo sikashukela, umfutho wegazi ophakeme noma isifo samaphaphu. Zonke izingane ezingaphezu kweminyaka emibili zidinga ukufaka isifihla-buso futhi njalo zigcine ibanga eliphephile (amamitha angu-2) ukusuka kumuntu osengozini. Umuntu osengozini udinga ukusebenzisa ithawula lakhe, inkomishi, izipuni kanye nezitsha. Ziwashe ngokwehlukana. Yonke indawo okwabelwana ngayo (ikhishi, […]
Kungenzeka ingane yakho ine-COVID-19 Uma inezinye zalezi zimpawu: ukukhwehlela, umphimbo obuhlungu, ukuphefumula kanzima, ukulahlekelwa yiphunga noma ukunambitha inayo noma ingenayo imfiva, ubuthakathaka, imisipha ebuhlungu noma uhudo. Ingane ingahle ibe nokutheleleka kwe-COVID-19 futhi iphile, ngaphandle kwezimpawu. Umuntu ophilile obesondelene kakhulu nomuntu owaziwa ukuthi une-COVID-19 angaba nokutheleleka. Okufanele ngikwenze? Njengezinye izinhlobo zemfuluwenza, ayikho imishanguzo ethize ye-COVID-19 Nikeza […]